Ukudla

I-Steers yethula ukudla okukukhumbuza okwasekhaya

I-Steers ibilokhu iyindawo yokuya kuyo uma ufuna inyama eyosiwe kahle ngomlilo, futhi manje seyengeze isidlo esiyibeka ezingeni eliphezulu. 

Ukunambitheka kwekhaya, isidlo esiklanyelwe ukukushaya ngaphakathi lapho ulambile, futhi ukhumbule ukudla kwasekhaya. 

Ukudla okusha i-¼ Faya akuyona nje enye i-combo; iwukudla okwehla esiphundu okwesekelwe esikweni lokudla okunempilo kwaseNingizimu Afrika.

Ichazwa njengepuleti “elikukhumbuza ekhaya, ngaso sonke isikhathi,” kanti akusona nje isidlo esheshayo esijwayelekile. 

Ngo-R64.90 nje kuphela, uthola ikota yenyama yenkukhu eyosiwe, ipapa eliphekwe ngesinono, isishebo esicebile, nesaladi elaziwa nge-coleslaw – yisidlo siconsisa amathe. 

Kuwukudla okukhuluma nomphefumulo, okuhlanganisa ukunambitheka kwenkukhu eyosiwe kahle, nemfudumalo yepapa elikukhumbuza ekhaya. 

Lokhu akukhona nje ukudla; wumuzwa. Kumayelana nalolo hlobo olukhethekile lokwaneliseka oluvela epuletini lokudla elikukhumbuza imicimbi yomndeni.

Kuwukudla okungenzeka kukubuyisele kuleso sidlo sasemini sangeSonto ntambama uzihlalele nabangani noma nomndeni.

Sikukhumbuze injabulo yokudla okumnandi ngempela, okugqugquzelwe yisiko laseNingizimu Afrika. 

I-Steers ayigcini nje ngokukuphakela ukudla; ikunikeza “ukwaneliseka kwangempela”.

Isidlo se-¼ Faya sihlinzekela ukunambitheka okuhlukahlukene njengoba sifika ngezinongo zeBabarque, iLemon and Herb, iMild neHot.

Ngakho-ke noma yikuphi ukunambitheka okufisayo, banakho, wena okwakho wukungena ku: www.steers.co.za uthenge, noma uziyele mathupha esitolo esiseduze nawe.