Uyanda owabesifazane abadla inhloko
Uma kuhlatshiwe ekhaya, inyama ihlukaniswa ngezigaba ezehlukene futhi kunemibandela ngokuthi kungani ethile idliwa abathile kuphela.
Isibonelo nje, inhloko yesilwane esihlatshiwe – kungaba imbuzi noma inkomo – ngokwesintu idliwa amadoda, noma ke abesilisa.
Omama nabesifazane badla isifuba. Lokhu kucazwa kwenyama kunomthelela othize futhi kumele leyo mibandela ilandelwe.
Kodwa muva nje, njengoba inyama yenhloko seyadayiswa nasemgwaqeni nasezindaweni zokudla nsukuzonke, sekuyanda ukuthi nabesifazane bayidle.
Uke uze uzwe sebencoma bethi hhayi amadoda ayesile, ayikhetha ngokuyazi ukuthi imnandi kangakanani inyama yenhloko, yingakho bengafuni nayo.
Muva nje, le ndaba ike yavela ohlelweni loKhozi FM, iSigiya ngeNgoma oluba ngoMgqibelo ekuseni.
Intokazi eshayela lolu hlelo ngokubambisana noTshatha Ngobe, uBingelela Mpanza yakubeka kwacaca ukuthi yona iyayidla inhloko.
Yaze yathi impela ungayincisha okunye, kodwa hhayi inhloko. Ngabe lokhu kulungile yini? Sizothola izazi zesiko ngokuhamba kwesikhathi zike zisikhanyisele.

