Amaphupho achaza izitha eziseduze nawe nobungozi
Uma ungumuntu kuyenzeka kube nesikhathi la uhlaselwa khona amaphupho futhi esikhathini esiningi asuke engasho lutho.
Kwesinye isikhathi kuze kuthi uma uxoxela abantu bethi unenyongo, kumele uphalaze.
Kodwa kunezikhathi la uhlaselwa khona yiphupho elilodwa isikhathi esiningi, futhi lelo lisuke linenkulumo elifuna ukukudlulisela yona.
Lapha sibheka amaphupho ambalwa okumele usheshe usukume, uzwe konakelephi uma ekuhlasele ebusuku.
- Ukuphupha ushaywa/ugwazwa/udutshulwa
- Ukuphupha ulunywa izinja/ulunywa inyoka/ujahwa inkomo
- Ukuphuphwa ushayiswa imoto or usengozini yemoto
- Ukuphupha udakiwe udiyazela
- Ukuphupha kunetha imvula, uhamba odakeni noma amanzi amnyama whethere umfula ongcolile or ulwandle olumnyama
- Nakho ukuphupha uboshwa amaphoyisa kubi.

