USalif Keita uveza okumhoxise ukuza eNingizimu Afrika

Umculi odumile waseMali, u-Salif Keita, usememezele ukuthi usehoxisa zonke izinhlelo zakhe zokucula eNingizimu Afrika. 

Lesi sinqumo usixhumanise nemibiko eqhubekayo yodlame olubhekiswe kwabanye abantu base-Afrika abafudukele kuleli. 

UKeita, owaziwa kabanzi njenge“Golden Voice of Africa,” uthe lokhu akusona isinqumo esilula kuye ngenxa yobudlelwano obude anabo nezethameli zaseNingizimu Afrika.

Encwadini yakhe evulekile, uKeita uhumushe imizwa yakhe. 

“ENingizimu Afrika ngihlale ngamukelwa njengomuntu wakhona, hhayi njengomculi kuphela,” kubhala yena.

Wengeze ngokuthi uma ebona abafuduki behlaselwa, akaboni “ipolitiki,” kodwa ubona abantu abafuna umsebenzi, ukuphepha nesithunzi. 

Ngamazwi akhe, lokhu akuhambisani neNingizimu Afrika ayaziyo — izwe elake lama neMali futhi elakhiwa nguNelson Mandela.

U-Sailf Keita bekulindeleke ukuthi abe yingxenye yeManguang African Cultural Festival, ehlelelwe ukuba phakathi komhla ka-3 no-13 Septhemba 2026. 

Kanti ekuqaleni konyaka, naye wayehlelelwe ukuvela eMontreux Jazz Festival eFranschhoek, kodwa waphuma ngenxa yokugula. 

Uphinde wakhumbuza ngomlando wakhe, ethi ngo-1988 wacula eWembley emcimbini kaMandela ngenxa yomzabalazo wokulwa nombuso wobandlululo eyayithinta wonke ama-Afrika.

Ngesikhathi esifanayo, amaqembu afana ne-Operation Dudula neMarch and March abikwe njengahola imikhankaso enamandla yokulwa nabokufika abakuleli ngokungekho emthethweni. 

Imibhikisho nokuhlaselwa kubikwe eGoli, ePitoli naseThekwini. 

Amazwe afana neGhana, iNigeria, iMalawi neMozambique asebenzisane ekubuyiseni izakhamuzi zawo emakubo.

Yize ehoxile, u-Salif Keita ugcizelele ukuthi akavali iNingizimu Afrika, “uvala umnyango wodlame.” 

Uthe uzimisele ukubuya ngesikhathi esifanele, angabuyeli ukunconywa kodwa “ukuzokwelapha amanxeba.”