Izimpawu zokukhathazeka amadoda okungafanele azizibe
Ukukhathazeka (anxiety) kuyinselelo ejwayelekile emhlabeni wonke, kodwa amadoda amaningi asakhetha ukukufihla noma ukungakunaki.
Lokhu kuvame ukubangelwa yingcindezi yomphakathi ethi ‘indoda ayikhali’, kumele iqine njalo, izimelisele, futhi “iqhubeke noma kunzima.”
Uma kungelashwa, ukukhathazeka kungalimaza ubudlelwano, ukusebenza emsebenzini, impilo yomzimba, nenhlalakahle yonke.
I-Men’s Health Magazine ibike ukuthi umelaphi wezempilo yengqondo wachaza izindlela ezivamile ukukhathazeka okuvela ngazo emadodeni.
Uphawu lokuqala ukucasuka okuqhubekayo nentukuthelo. Esikhundleni sokubonisa ukwesaba noma ukukhathazeka, amanye amadoda avele abhoke ngolaka, aphelelwe yisineke, noma ukudinwa kalula ngezinto ezincane.
Uphawu lwesibili ukucabanga ngokweqile nokukhathazeka okungapheli. Imicabango iba umjikelezo ongapheli: ukuhlaziya yonke into, ukulindela okubi kakhulu, nokuhluleka ukuphumula engqondweni.
Lokhu kuvamise ukubonakala ekukhathazekeni ngomsebenzi, imali, ubudlelwano, impilo, nezibopho zesikhathi esizayo.
Okwesithathu ukusebenzisa utshwala njengendlela yokuziphazamisa. Nakuba kubonakala kukhulula okwesikhashana, utshwala bungakhuphula ukukhathazeka.
I-Men’s Health Magazine iphinde yaveza ucwaningo oluthole ukuthi njengoba ukukhathazeka kukhula, amanye amadoda aqinisa ophuzweni — okungaba yindlela engasizi yokubhekana nengcindezi.
Okokugcina, amadoda angagwema izimo zomphakathi, izingxoxo ezibalulekile, noma amathuba omsebenzi, aze alahlekelwe yintshisekelo ezintweni ayekade ezithanda.
Kukhona nezimpawu zomzimba ezifana nokuqina kwemisipha entanyeni nasemahlombe, ukushaya kwenhliziyo okusheshayo, nokuhlala uqaphile ngokweqile.
Ukuqaphela lezi zinguquko akubona ubuthakathaka; kuyisinyathelo esibalulekile sokufuna usizo ngesikhathi.

