Abazali baxwayiswa ngokunganaki impilo yezingane kwi-intanethi
Abazali abaningi bayakwazi ukuthi izingane zabo zidleni, zidlala nobani nokuthi zenzani emva kwesikole – kodwa abakunaki ezikwenza kwi-inthanethi.
Kodwa ochwepheshe bathi impilo yezingane yedijithali ivame ukunganakwa.
Imikhuba yezingane ku-inthanethi iveza okuningi ngezintshisekelo zazo, abangani kanye nemithelela ezihlangabezana nayo nsuku zonke.
Yingakho abazali bekhuthazwa ukuthi bahlale benolwazi ngalokho okwenziwa izingane zabo ku-inthanethi.
Kugcizelelwa ukuthi abazali akumele babe ngabahloli bazo zonke izinto ezenziwa izingane zabo.
Kodwa kufanele bakhe ubudlelwano obuvulekile nobusekelwe ekwethembaneni. Izingane zifunda kakhulu ngokubuka abazali bazo.
Indlela abazali abasebenzisa ngayo omakhalekhukhwini, amakhompyutha nezinkundla zokuxhumana ingaba nomthelela omkhulu endleleni izingane eziphatha ngayo amadivayisi azo.
Ochwepheshe batusa ukuthi imindeni ibeke imithetho ecacile yokusetshenziswa kwamadivayisi.
Lokhu kubalwa ukungasebenzisi omakhalekhukhwini ngesikhathi sokudla, ukunaka izingane uma zikhuluma, nokuxoxa njalo ngezingozi nezinzuzo zokusebenzisa i-inthanethi.
Kuphinde kwelulekwe abazali ukuthi bakhethe amadivayisi afanele iminyaka yezingane zabo futhi balungise izilungiselelo zokuphepha nezobumfihlo kuwo wonke amadivayisi nezinhlelo zokusebenza.
Ama-app afana ne-Kaspersky SafeKids angasiza abazali ukuqapha ukuphepha kwezingane ku-inthanethi.
Kanti nezinhlelo ezifana ne-YouTube, Netflix ne-Showmax akufanele zisetshenziswe njengabakhulisi bezingane ngaphandle kokubhekwa ngabazali.
Ekugcineni, abazali bakhunjuzwa ukuthi umsebenzi wabo omkhulu ukuvikela izingane kuzo zonke izingozi, kuhlanganise nalezo ezitholakala ku-inthanethi.
- OLUNYE UDABA: UMaWhoo noLwah ‘bangena esithenjini’
Ngokubakhona, ukuqondisa nokwakha ukwethembana, izingane zingakhula ziphephile futhi zihlakaniphile emhlabeni wedijithali.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp

